Submit your work, meet writers and drop the ads. Become a member
Thapz Kolatsoeu Oct 2017
Ndivumele juba lam sthandwa sentliziyo yam
ekuseni we langa indi ku balele
incwadi Yothando Yesizulu
(A Zulu Love Letter)
Nguwe be ngi ngo #kiss
incwadi Yothando Yesizulu
(A Zulu Love Letter)
Sthandwa
Ngifisa sengathi ungangibhalela incwadi Incwadi yothando yesiZulu Esho ngemibalabala na ngamabalabala
Axoxa indaba ejulile yemizwa nemicabango Idayimane, ngelo thando lweqiniso
Omhlophe, ngowenhliziyo engenasici Indilinga, ngoba olwethu kalunasiphetho
Oluhlaza-sasibhakabhaka, ngoba wena ucabanga ngami
Unxantathu, ngoba amazulu aphezulu Kanjalo nomhlaba nolwandle ngaphansi bayazi
Onsundu, ngoba kuyitshe kunothile futhi okwemvelo
Njengomhlabathi ongaphansi kwezinyawo zami
Noma ungawu shiya umbala ophuzi Kungani kumele ungithande ngenhliziyo enesikhwele! ?
Ngifisa sengathi ungangibhalela incwadi
Engiyoyigaxa emqaleni
Ukuze zonke izimbali zase maqeleni Ziyohawuka lapho zingibheka
Ngenxa yayo yonke lemibala egqamile Incwadi yothando yesiZulu
Ngobuhlalu bothingo-lwenkosazana Ubuhlalu base mazweni aqhelileyo Minake sengiyoba nentokozo emangalisayo
Lapho ngiphendu-phendula ulimi lwakho
Kancane-kancane, futhi ngesikhulu isineke
Ukuze ugcine usukwazi kahle hle Ukubingelela abazali bami
Ngendlela eyiyona-yona, ngolimi lwesiZulu
Molo sethandwa sawubona ngiya themba ulale ngahle?
African zulu love letter, zulu is an african spoken language in south africa, a language that originate from the zulu land, the roots of the late zulu king, shaka zulu
Ngalala nendoda engaligqokile ijazi, ukuze
ngikwazi UKUMITHA izidingo zami.
Namanje ngisawenza umkhuba.
Umkhuba omubi wokungalaleli uma
bengishumayeza
Mabeshumayela izwi liyawushisa unembeza
kodwa mina njengeRadio Station ehlihlizayo
angnandaba
coz to-Night e Durban ngiyozidansela
iShumaya.
Ngicela utshele umfundisi wakho
Angangithandazeli.
Njengo R50,
Mina ngibomvu.
Ngibomvu izono.
Nginesono Sokuba Isoni.
Ngicela NingangiThandazeli.
A car accident, ingozi yemoto.
Shuthike bobalili BABELULA ngoba
AKUSINDANGA muntu.
Njengelanga liyozilahla kunina Bashona.
Njengokuphihlika kwe Glass, Bafa. I want you
to understand this, njengentombazane efake
uBra, Babhodile.
Ngicela NingangiThandazeli.
I had a fight with the school, Sangihlula
isikole.
Then The Church had a fight with me,
Wahluleka Umthandazo.
You tell me uNkulunkulu uyaphila?
Pho mayephila akazizeli ngani Yena, wena (are
you well) Uyaphi LA?
Noma ucwecwa amazambane uya PEELER?
Lento ayenzi sense like leaving your wife for a
side chick.
Tshela umfundisi wakho engangithandazeli.
NjengeDimoni, Angiwufuni Umthandazo.
Ngathi nguMatshidiso angfuni Nomthandazo.
Ngicela NingangiThandazeli.
Njengo R50,
Mina ngibomvu.
Ngibomvu izono.
Nginesono Sokuba Isoni.
Ngicela NingangiThandazeli.
Ukushona kwabazali bami kwaba isqalekiso
kimi
Ngalala nendoda engaligqokile ijazi, ukuze
ngikwazi UKUMITHA izidingo zami.
Namanje ngisawenza umkhuba.
Umkhuba omubi wokungalaleli uma
mengishumayezwa,
Kode Ngicela Ningangithandazeli.
Ningangicabangeli nginengqondo yami.
Ningangisukeli nginezinyawo zami.
Ngicela ningangithandi nginenhliziyo yami.
Nibaleke, ngoba anginayo icalculator.
NingangiZondi, ngiyazithulela angisiye
UNONDABA.
Ngicela Ningangithandazeli.
NgiyiNtandane ngizohlala kulesi Sibaya
Sikababa Nginibuke eSikhaleni sezinti,
Nginakhele icebo likaZungu Ngokunga Qondi
kwami lelizwe enithi liyaThandeka, Ngizoba
uMelusi wamaBhubesi vele aningiZweli noma
Nginesiphiwo eSihle nithi Ngi Bhekifa, ningenza
I shepherd ka Sathane nithi Ngi Lusifa
(Lucifer).
Ngicela Ningangithandazeli.
Utat'Oliver Tambo
Noba sele engamathambo
Kodwa siqina ngaye mathambo
Eselula awakhe amathambo
Wazinikezela ukuze siqine amathambo
Wasenza ubhabho lobhabho lwakhe
Wasenza ithambo lethambo lakhe
Waqotywa awakhe amathambo
Ukuze kuqine awethu amathambo
Ingqele isitya awakhe amathambo
Ukuze komelel'awethu amathambo
Amathambo azele intsini
Intsini eyenza imfudumalo
Imfudumalo ekhulisa amathambo
Ukukhula okomeleza amathambo
Akomelela akhangele ubulumko
Ubulumko obufundisa ngothando
Kolothando kuzalwe amatsha amathambo
Ulutsha oluzobe lulahlekile uba alwazi ngoTambo
Ulutsha olabuyiswa ekulahlekeni nguTambo
Iintsapho ezasiwa enkululekweni nguTambo
Ilizwe elakhutshwa emakhamandeleni nguTambo
Ilizwe elabuyiselwa ebutyebini nguTambo
Ilizwe elabuyiselwa ezandleni labanikazi balo nguTambo
Isizwe esabuyiselwa ekukhanyeni nguTambo
#Heritage_day
Kuthe cwaka ezinzulwini zobusuku
Imini lisathe ukuma - lime nsi
Umveliqangi nabadala basikhandela
amacebo kanye nemizila yokuya
ensimini ekuyiyona - emadlelweni aluhlaza. Asisebenzise
lemizuzu ukwakha ubudlelwane
namandla onke amahle okukhanya. Amandla asabalele futhi ayalalela, ungalali ungaxhumananga nawo.
Lokhu, ukuze izinsuku zethu zingapheli sizula, sishaya indiyandiya engayi ndawo. Sidlale umjike Joe ngezi mpilo zethu eziyisipho esihle.
Phahla - thandaza- zehlise.

— The End —