Hello Poetry
Submit your work and get some sparkles! Create free account
"nje" poems
Ngiyakuthanda. Ukuba nginepeni nephepha ngabe ngihlezi phansi ngidansisa ipeni ngaphandle komculo ngikubhalela lenkondlo yothando! Kondlo lena akuyona inkondlo. Lena into ephuma kimi uqobo. Ngoba inkondlo ikhuluma ngamaphupho necabango engasoze yafezeka nothando oluhambiselana nemigomo nemibandela. Manje mina angiluphuphi uthando lwami ngawe ngiyalwazi lukhona. Angicabangi ukuthi ngyakuthanda kodwa ngyazi ngyakuthanda ingakoke ngi Ngeke ngiqambe amanga kuwe ngithi ngeke ngiphile ngaphandle kwakho, ngingaphile, ukuthi nje impilo ingaphileka kangcono nginawe. Ngeke ngikuqambele amanga ngithi ayikho enye into engiyicabangayo ngaphandle kwakho ekubeni kukuningi okunye engikucabangayo, ukuthi nje imicabango enawe iyintokozo nenjabulo kimina. Ngeke ngiqambe amanga ngithi akulaleki ngicabanga wena, ukuthi nje ngilala kangcono ngicabanga wena. Ngeke ngiqamba amanga ngithi, ngendlela engikuthanda ngayo ngingatshela umhlaba wonke ngoba angeke ngikwenze lokho, kodwa umhlaba ozozibonela wona ukuthi ngiyakuthanda. Ngalokho futhi ngizishaya isifuba. Empelini mina engizama ukukusho ukuthi ngyakuthanda. Uyihlolo nonyoko bazala ingelosi sekusele nje ungivezele lezimpiko ozifihlile. Sthandwa sami ngiyakuthanda, angizenzisi, kodwa kusuka ngaphakathi kimi. Ngaso sonke isikhathi wakhumbula la mazwi ami, ngiyakuthanda.
0
Oct 3, 2017
Oct 3, 2017 at 2:16 AM UTC
Let me write you ZULU love letter from the heart
Sons of the soil. Daughters of the soil. Wake up and rejoice, for its the day of your heritage. Celebrate your culture, for it is your privilege. You are Africa, Africa is you. A nation so diverse and true. A real rainbow nation. Deeply rooted in our tradition. Nna ke mo Tswana, ebile ke motlotlo ka bo Tswana bame. Nna ke mo Pedi, ebile ka ikgantsha ka go nna mo Pedi. Mna ndi ngum Xhosa, ubona nje, ndiyazi dla ngo buXhosa bam. Mina ngi ngum Zulu qobo, futhi ngiyazi qhenya. On this day, remember who you are. On this day, commemorate who you are. Take pride in your true identity. Let there be peace and serenity. In South Africa our land. Together may we all stand. Le ga ole moTswana wa Afrika. Noba ungu m'Xhosa wase Afrika. Le ha ole mo Sotho wa Afrika Borwa. Are rataneng. Masi thandaneni. On this day, speak your mother tounge. On this day, sing your clan song. A moTswana eme a kgibe. UmXhosa maka phakame axhentse. UmZulu maka sukume agide. A moPedi a emelle bine. Sons of the soil. Daughters of the soil. Wake up and rejoice, for its the day of your heritage. Celebrate your culture, for it is your privilege.
0
Sep 24, 2019
Sep 24, 2019 at 5:57 AM UTC
Happy Heritage Day South Africa
Aibo Yewena! Phela ngisakuthanda Ngikucabanga ngize ngibone ikhanda lam' selinezandla, Ngibone ikhanda lam' seliyi CEO, Mengcabanga wena Ikhanda lam' liba uPrincipal, Liyangiphatha. Ngizwa bethi uthatha ama applications. Ngiyakucela phela love le CAO engifakile ayibe successful. Angifune reject phela le Degree yoThando lwakho ngyayfuna Noma ngasayenzanga icourse yokuba istraight I right neye side chick, sengiyo modifyer next year. Uyi status seFeleb yini? Coz I like You! Kuthi angifanise inhliziyo yami ne DVD wena uyi player, wa pressa u open wayifaka I CD wathi close isadlala kamnandi wapressa u eject! Aibo kanti unjani player? Aibo Yewena! Aibo Yewena uthi awungilahlekelanga njer? Ngoba namanje inhliziyo yami isakufuna Aibo my top deck! Namanje ngisakuhalela, kodeke ngizokuphonela just ukbingelela noma ngikuhayele. Aibo Yewena! Ngisalifuna namanje leliya fosholo, phela wena usaqala ukungibona you were digging me Lol hhhe Uthi Ongumnini wena ungowami Ngiyamzonda lowathi love is a matter of chemistry Phela manje wena you treat me like toxic waste Wena ngikufanisa neRadio edlala imicibilisho, ungizwisile ubuhlungu! Wazenza iskhothane ngami washiya inhliziyo yami idabukile I miss you, angisakwazi muntu usebona ngamakhasi nje ukuthi usaPeeler Ukube bengazi ukuthi wena ungizela nge earth quake kuloluthando uzo zama zama, bengeke ngiqale! Ngicela inhliziyo yami niyinqume izandla, kuze izoyeka ukuthanda lomuntu! Aibo bafena lomuntu iphilisi! Somebody take me to a doctor I've overdosed! Ngane YeLanga, ukukbona nje could brighten my day Shuthi uthando lwethu beluyiGenerations, sekuphele iytori Aibo Yewena Month end yami engiholela ekufeni Ngisakuthanda namanjer
0
Aug 14, 2015
Aug 14, 2015 at 8:48 PM UTC
Aibo Yewena

Continue reading...
52
E shita lekuren bashke me kockat E dhashe me cmim te lire U lehtesova nga nje barre e rende E mora udhen tutje si era... Vetja s'mu duk rrugac,as shenjt Per cudi u ndjeva me teper njeri!
0
Feb 28, 2013
Feb 28, 2013 at 6:09 AM UTC
Credo
Ngiyazi awungibuzanga Ngiyazi phoqa ukukuhlebela ngalolu daba olungathi shuu Nayi..... Leli jokwe ngilikhethisiwe. Kepha hhayi ngamandla egendlovu iyangena. Angizitakuli obisini njengempukane kodwa kuyasho, ngiziqhelisile kokuningi, ngeqa ngama buqamama ngomfudlazana. Ngaketha ukufunana namanzi acwebileyo. Kwasala inhliziyo ibalisa, ithi hhawu mfo ka Phakathi Usho ukuthi lomuzi wethu usuyohlala unqhunu kanje, kungesena sphalala esihlekisana naso nenhliziyo yaso" Hhawu Mpangazitha waze wasibulala siphila, mina Nhliziyo kanye nabafowethu Imizwa siyakhala, buka nje uhleli uwedwa ubhalana naloludaba olungathi shuu. Ubulalisa thina ngalesiyasitha sethu Umzwangedwa. Khuluna iqiniso Duma dumane owaduma ezizweni, usho ukuthi awukulangazeleli ukumoyizela kwesi phalaphala. Phela wena usese yisoka lamanyala ubu dume ukutshakadula nezindoni zamanzi kuphela o Nandi no Dudu. Uzama ukungitshela ukuthi njengamanje awubuhlungu ngalokhu" Hhayi bo Nhliziyo mana ngodlame, ufuna ngithi kahle kahle. Phela sisonke kulolu hambho thizeni lwethu. Akekho esingamthanda ngaphandle kokuthanda thina sodwa esizinze kulomzimbha. Ake siyeke ukusukela inyoka isemgodini. Hhawu mfo ka Kunu ufanisa uthando nenyoka, ngaliphi kodwa. Hhayi kodwa ngiyalibona iphuzu lakho, kokubili kunobuthi. Ngiyabonga Nhliziyo ngincede ke mfo ka baba ukhumbhuza abafowenu Imizwa ngaleli jokwe, nobungozi okumele sihlale silugadile. Ngiyakuzwa Hhawu lweMpisi, mzukulu ka maShenge no Ndlangamandla, thole lakwa Mthabela. Wena othi gazi emaNtungweni nakwa Malinga. Mjaji, Ngwane. Madlokovu Duma ndumane owaduma ezizweni.
0
Jun 19, 2021
Jun 19, 2021 at 8:57 AM UTC
Untitled

34
Ngiqale kuphi Ngibambhe maphi Amazwi aswabile Ubuhle buhambhile Abantu bafile. Ngiyabuyela ngiyomkhalisa Ishwa leli Isizwe esasisihle kanje Sesaba nje. Lafa elihle.
0
May 27, 2020
May 27, 2020 at 12:24 PM UTC
Death of nation