Submit your work, meet writers and drop the ads. Become a member
Jun 2021
Ngiyazi awungibuzanga
Ngiyazi phoqa ukukuhlebela
ngalolu daba olungathi shuu
Nayi.....
Leli jokwe ngilikhethisiwe. Kepha
hhayi ngamandla egendlovu iyangena. Angizitakuli obisini
njengempukane kodwa kuyasho,
ngiziqhelisile kokuningi, ngeqa
ngama buqamama ngomfudlazana.
Ngaketha ukufunana namanzi
acwebileyo. Kwasala inhliziyo
ibalisa, ithi hhawu mfo ka Phakathi
Usho ukuthi lomuzi wethu usuyohlala
unqhunu kanje, kungesena sphalala
esihlekisana naso nenhliziyo yaso"

Hhawu Mpangazitha waze wasibulala siphila, mina Nhliziyo kanye nabafowethu Imizwa siyakhala, buka
nje uhleli uwedwa ubhalana naloludaba olungathi shuu. Ubulalisa
thina ngalesiyasitha sethu Umzwangedwa. Khuluna iqiniso Duma dumane owaduma ezizweni, usho ukuthi awukulangazeleli ukumoyizela kwesi phalaphala. Phela
wena usese yisoka lamanyala ubu dume ukutshakadula nezindoni zamanzi kuphela o Nandi no Dudu.
Uzama ukungitshela ukuthi njengamanje awubuhlungu ngalokhu"

Hhayi bo Nhliziyo mana ngodlame, ufuna ngithi kahle kahle. Phela sisonke kulolu hambho thizeni lwethu. Akekho esingamthanda
ngaphandle kokuthanda thina
sodwa esizinze kulomzimbha.
Ake siyeke ukusukela inyoka
isemgodini.

Hhawu mfo ka Kunu ufanisa uthando
nenyoka, ngaliphi kodwa. Hhayi kodwa ngiyalibona iphuzu lakho,
kokubili kunobuthi.

Ngiyabonga Nhliziyo ngincede ke mfo ka baba ukhumbhuza
abafowenu Imizwa ngaleli jokwe, nobungozi okumele sihlale silugadile.

Ngiyakuzwa Hhawu lweMpisi, mzukulu ka maShenge no Ndlangamandla, thole lakwa Mthabela. Wena othi gazi
emaNtungweni nakwa Malinga.
Mjaji, Ngwane. Madlokovu
Duma ndumane owaduma ezizweni.
Emmanuel Phakathi
Written by
Emmanuel Phakathi
298
 
Please log in to view and add comments on poems