Submit your work, meet writers and drop the ads. Become a member
Thapz Kolatsoeu Oct 2017
Ngiyakuthanda. Ukuba nginepeni nephepha ngabe ngihlezi phansi ngidansisa ipeni ngaphandle komculo ngikubhalela lenkondlo yothando!

Kondlo lena akuyona inkondlo.
Lena into ephuma kimi uqobo.
Ngoba inkondlo ikhuluma ngamaphupho necabango engasoze yafezeka nothando oluhambiselana nemigomo nemibandela.
Manje mina angiluphuphi uthando lwami ngawe ngiyalwazi lukhona. Angicabangi ukuthi ngyakuthanda kodwa ngyazi ngyakuthanda ingakoke ngi
Ngeke ngiqambe amanga kuwe ngithi ngeke ngiphile ngaphandle kwakho, ngingaphile, ukuthi nje impilo ingaphileka kangcono nginawe.
Ngeke ngikuqambele amanga ngithi ayikho enye into engiyicabangayo ngaphandle kwakho ekubeni kukuningi okunye engikucabangayo, ukuthi nje imicabango enawe iyintokozo nenjabulo kimina.
Ngeke ngiqambe amanga ngithi akulaleki ngicabanga wena, ukuthi nje ngilala kangcono ngicabanga wena. Ngeke ngiqamba amanga ngithi, ngendlela engikuthanda ngayo ngingatshela umhlaba wonke ngoba angeke ngikwenze lokho, kodwa umhlaba ozozibonela wona ukuthi ngiyakuthanda.
Ngalokho futhi ngizishaya isifuba. Empelini mina engizama ukukusho ukuthi ngyakuthanda.
Uyihlolo nonyoko bazala ingelosi sekusele nje ungivezele lezimpiko ozifihlile.
Sthandwa sami ngiyakuthanda, angizenzisi, kodwa kusuka ngaphakathi kimi.
Ngaso sonke isikhathi wakhumbula la mazwi ami, ngiyakuthanda.
Love expressed in isizulu.
wendy maqwazima Mar 2016
"ayiseyo ncoko ngaphandle
kwemibuzo neempedulo"!!












Ekufundeni kwakho uve nton?
Nika ingqondo ukutya  kwayo!
Ngiyazi awungibuzanga
Ngiyazi phoqa ukukuhlebela
ngalolu daba olungathi shuu
Nayi.....
Leli jokwe ngilikhethisiwe. Kepha
hhayi ngamandla egendlovu iyangena. Angizitakuli obisini
njengempukane kodwa kuyasho,
ngiziqhelisile kokuningi, ngeqa
ngama buqamama ngomfudlazana.
Ngaketha ukufunana namanzi
acwebileyo. Kwasala inhliziyo
ibalisa, ithi hhawu mfo ka Phakathi
Usho ukuthi lomuzi wethu usuyohlala
unqhunu kanje, kungesena sphalala
esihlekisana naso nenhliziyo yaso"

Hhawu Mpangazitha waze wasibulala siphila, mina Nhliziyo kanye nabafowethu Imizwa siyakhala, buka
nje uhleli uwedwa ubhalana naloludaba olungathi shuu. Ubulalisa
thina ngalesiyasitha sethu Umzwangedwa. Khuluna iqiniso Duma dumane owaduma ezizweni, usho ukuthi awukulangazeleli ukumoyizela kwesi phalaphala. Phela
wena usese yisoka lamanyala ubu dume ukutshakadula nezindoni zamanzi kuphela o Nandi no Dudu.
Uzama ukungitshela ukuthi njengamanje awubuhlungu ngalokhu"

Hhayi bo Nhliziyo mana ngodlame, ufuna ngithi kahle kahle. Phela sisonke kulolu hambho thizeni lwethu. Akekho esingamthanda
ngaphandle kokuthanda thina
sodwa esizinze kulomzimbha.
Ake siyeke ukusukela inyoka
isemgodini.

Hhawu mfo ka Kunu ufanisa uthando
nenyoka, ngaliphi kodwa. Hhayi kodwa ngiyalibona iphuzu lakho,
kokubili kunobuthi.

Ngiyabonga Nhliziyo ngincede ke mfo ka baba ukhumbhuza
abafowenu Imizwa ngaleli jokwe, nobungozi okumele sihlale silugadile.

Ngiyakuzwa Hhawu lweMpisi, mzukulu ka maShenge no Ndlangamandla, thole lakwa Mthabela. Wena othi gazi
emaNtungweni nakwa Malinga.
Mjaji, Ngwane. Madlokovu
Duma ndumane owaduma ezizweni.
Ndivuka uzingcinga
Ndilala ndiyakucinga
Nditsho namaphupha
Ndiyakuthanda
Noba awukho secaleni kwam
Uhlala uhleli nam
Nditsho nakwi ncoko zam
Ulubhabho lwam, ulubambo lwam
Ngaphandle kwakho, intliziyo yam isisighubhu
Xa ndinawe, intliziyi yam itsho amagubu
Izandi eziviwa phezulu emazulwini
Igida kushukume abaphantsi
UThando lwakho lundonyusa ndiphantsi
Lamazwi akayonyani, lamazwi angqina inyani
Inyani luThando, ubungqina luThando lwethu
InTando yakhe mayenziwe emhlabeni njengoko isenziwa emazulwini
(Ngoba ebunyanisweni andikwazi ukuyichaza indlela endikuthanda ngayo, abubungqina bendlela endiziva ngayo ).
Ungangicingi kude ngimningi njengendlala yomuntu omnyama.
ngisabalele, ngibanzi ngijulile. Ungazibuzi ngami ngiyintandane
enomama no baba. Ungangabazi
yiqiniso uma uthi angisiyena umuntu.
Ungaxakwa ukubola kwami
ngikufunde kulabo esabapha
amandla okusipatha ngo nyaka ka 94
ngebhandi safunda imikhuba ngemikhuba kubo. Buka manje
sesi nje sesi nje.
Uthi ziyoqodiswa ubani lezigwegwe.
Ngithi akekho ngaphandle kwezi nsizwa, aboMnumzane bemizi (hhayi amasoka) kanye nama
Khehla wesemaZansi, sibambhisene noMveliqanga nezithunywa zakhe
zokukhanya. Khumbhula amagama
kaphuzi khemisi "Niyababona sebehlangane ngathi lababantu"
Isikhathi sokutshakadula siphelile
liyafa izwe, alingafi sibhekile silibele
amapiano nobufebe, nobuvila, nokubalisa.
Amen.

— The End —