Submit your work, meet writers and drop the ads. Become a member
Ngizwe kuvuka usinga kwathi angibhale
ngesizulu
Bathi ayibe isazekeka uma isinkulu...
Ngicinge amagama alula okuloba lendaba, le
ndoda yathi izongilobola, angazangake ukuthi
kanti nangomlomo sekuyalotsholwa...
Aybo phela mina le ndoda yangthembisa!
Igama uNomathemba odabuka eMzumbe..
Hhay limnandi iTheku ..ungezwa ngabantu
bethi.. phela mina lana ngidla ama fish and
chips ..anginichomeli phela mina
bengizijwayelele umdumbulu namadumbe..
ekhaya eMzumbe..
Aybo phela mina lendoda yangthembisa..
Sengazitholela uThemba.. Loluthando lunginika
ithemba! UNtuli wam' ! Ugodide ! Ofake izinyo
legolide.. Ngyamthanda uMphemba wam' !
Phela yena ulithemba lam' !
Ngimenze uNkulunkulu, ngamnika lonke uqobo
lwam'
Wangenza ibhange lakhe, wangnika yonke imali
yakhe..
Uthe angeke angiphule inhliziyo, akasoze adlala
ngemizwa yam'
Ngamtshena ukuthi angisiwo ulayini wokuhola
iqolo angeke ngimmoshele isikhathi sakhe..
Ihhe angikazikhohlwa izethembiso zakhe..
Ethi uzongenza umkakhe.. :/
Aybo phela mina lendoda yangthembisa!
Amagama angbiza ngawo amnandi, ethi
ngimuhle ngathi ngigeza ngedanoni
Ekhuluma ngama bhanoyi, ama private jet,
phela lana sasi planner umshado wethu and my
wedding dress..
Ngazigcina ngifunda eNyuvesi yaka Zulu..
Angsayaz ngisho I timetable yama class..
Phela mina shangane lakaMakwakwa sengzobe
umfazi womzulu..
...Ngaphuma ekhaya ngiyofuna ulwazi
olunzulu.. Zulu khuzani niyabuka elikaMthaniya
elihle lifa phambi kwenu ..bheka njalo ekhaya
banamathemba ngam'..
Ngakhetha ukwanelisa uThemba ngakhohlwa
ngezidingo zam'.. Ngazikhohlwa izifiso zabazali
bam'..
ERes ngahlala inyanga eyodwa ..phela mina
senghlala ehotela... Lol angisiye umculi kodwa
ungangbiza nge 'Hotel queen' ..
....................... -- ........... -
- ..........................................
Langa limbe ngavuka ngaphuthaza
..ngaphuthaza embhedeni.. UThemba
akekho..ngivuke ngiye e
bathroom..akekho..ngimshayele ucingo..his
number doesn't exist.. Ngimelwe
yingqondo..ngicinge khabetheni lezingubo
izimpahla zakhe azikho :| .. Ngimemezise
okohlanya 'Themba ! Themba ! ' Pho ke
izindonga ezine zingigqolozele, zingabuye
zenzenjani?
Ithemba lam' lingishiyile ngizokwezenjani?
Aybo phela mina lendoda yangthembisa!
Iphelile I semester yokqala, kwamele
ngiphindele ekhaya.. Ngizwile ngomngan' ethi
aphumile ama result.. Awami
ngizowathathaph' ..
ND>>eMzumbe
-- -- -_- 'Nomathemba'ukube bayaz
ngemikhuba yam' ngabe abangijabuleli kanjena
.. Uphasile koda, yebo mama ngamalengiso..
:/ ..
Aybo phela mina le ndoda yangthembisa!
Ay ingibelesele le flue,
Umkhuhlane onje angiwazi..
Sengkhwehlela negazi..
....Ngyonda..kodwa isisu sami si.. Hhay
ngisuthi.. Ya ngisuthi.. Cha bakwethu ngisuthi..
Yekani isisu sam' ngisuthi.. Yebo ma ngondiswa
izifundo ngifunda kanzima.. Cha asisikhulu isisu
sam' ng gqoke I jacket enkulu..
..Ziyahamba izinsuku ngagula kakhulu ..
Dokotela, umkhuhlane wam' awupheli ..
Ukhulelwe.. 5 weeks ..aybo! Mina angeke..
'Angikaqedi, unegciwane.. Ingabe uyamazi
umuntu okuwuye oku ..Themba!! Ubani?
Nomathemba, Nomathemba vuka!
Saphuma isisu.. Ngafa mina.. Lashabalala
ikusasa lam' .. Aphela amathemba abazali bam'
ababenawo ngam' .. Kwaphela ngam' Themba
waze wadlala ngam' ..
Izethembiso zakho ..
Owangithembisa zona
Mphemba wam' wangthembisa..
Ngelizwi lakhe ndiyonela
Ngoncumo lwakhe ndiyoneliseka
Ukuhleka kwakhe kuyafudumeza
Ubuqu bakhe benza ndifune ukusondela
Ubukho bakhe benza uvalo
Ngalolonke ixesha unexesha lokusabela
NguMonde lowo
Isandla sakhe asikude ukunceda
BubuNtu obo
Igama lakhe yayifanele nguThando
Leyo isentliziyweni
Engqondweni ungamazi ngobulumko
Leyo isebuchotsheni
Ndithetha ngaye, andithethi naye
Ngokuthetha ngaye bubuncwane
Yena uyazazela, uyazingca
Noba uyamazi, ngesidima
Noba awumazi, ngesithozela
Ubuhle bukaMdali
Ubuhle beNdalo
Ubuhle ngaphakathi nangaphandle
Ubuhle njengesibhakabhaka nolwandle
Igamalakhe yayifanele nguNobuhle
Ndisathetha ngaye
Ngoba umntu akanconywa esiva
amehlo e kati
labelumbhi
nezingovolo zemvubu
zakwa Zulu
zi buso bunye
esibhakabhakeni
zilobwe ihaba
lakhe umbhemi
uchakijane
qambha ilanga  
12/01/2019
entantha  o2.38
bongela izenzo
shono
isifanekiso
esizobwe
emashiyeni
esijule emoyeni
siphelekezelwa
yihliziyo
ebukhali ngobuhle
hlulela ngophahla
umuzi phansi
kwezinkanyezi
zimkamjikijela
zine azilingani
zikhonka
ngama langabi
ziyisithunywa
sama khosi
Amakhosi
athunwe
ezindebeni
zo bhalakanxhane

kude emuva
kubi phambhili
khetha tshebe
emuva kuse
khaya
ya bhodla
itshebe
ngoba ingaphenduli

yimi yedwa
nesi nxhele
esanamazwi
aloli limi
Utat'Oliver Tambo
Noba sele engamathambo
Kodwa siqina ngaye mathambo
Eselula awakhe amathambo
Wazinikezela ukuze siqine amathambo
Wasenza ubhabho lobhabho lwakhe
Wasenza ithambo lethambo lakhe
Waqotywa awakhe amathambo
Ukuze kuqine awethu amathambo
Ingqele isitya awakhe amathambo
Ukuze komelel'awethu amathambo
Amathambo azele intsini
Intsini eyenza imfudumalo
Imfudumalo ekhulisa amathambo
Ukukhula okomeleza amathambo
Akomelela akhangele ubulumko
Ubulumko obufundisa ngothando
Kolothando kuzalwe amatsha amathambo
Ulutsha oluzobe lulahlekile uba alwazi ngoTambo
Ulutsha olabuyiswa ekulahlekeni nguTambo
Iintsapho ezasiwa enkululekweni nguTambo
Ilizwe elakhutshwa emakhamandeleni nguTambo
Ilizwe elabuyiselwa ebutyebini nguTambo
Ilizwe elabuyiselwa ezandleni labanikazi balo nguTambo
Isizwe esabuyiselwa ekukhanyeni nguTambo
#Heritage_day
Kwasukasukela
Cozi
Sampheka no gozwane.
Kwakukhona ikhehla elali
ngumngani Om'khulu
no mfana okade edume
ngokulusa izinyosi. Lomfana
wayedume ndawo zonke
ngalekhono lakhe elingajwayekile.
Kwathi ngelinye ilanga umnuzane
thizeni wasendaweni la kwakuvela
khona leli Khehla lakwa Nkosi Ndlangamandla, wacela ukuthi ikhehla limkhulumele no Hhawu LweMpisi, u mfana woju nezinyosi.
Indoda le yahlushwa yizinyosi njalo uma izoba nomgidi, kuthiwa izinyosi thizeni ezazithanda ukuvakasha singamemiwe njalo uma kujatshuluwe emagcekeni aloMnumzane. Bathi zazi vele ziyeke izimbhali ezinomsusa ku, zikhethe ukuzitika ngezivakashi.Zitinyele lo, sijaghe labaya...... To be continued

— The End —