Submit your work, meet writers and drop the ads. Become a member
Ngizwe kuvuka usinga kwathi angibhale
ngesizulu
Bathi ayibe isazekeka uma isinkulu...
Ngicinge amagama alula okuloba lendaba, le
ndoda yathi izongilobola, angazangake ukuthi
kanti nangomlomo sekuyalotsholwa...
Aybo phela mina le ndoda yangthembisa!
Igama uNomathemba odabuka eMzumbe..
Hhay limnandi iTheku ..ungezwa ngabantu
bethi.. phela mina lana ngidla ama fish and
chips ..anginichomeli phela mina
bengizijwayelele umdumbulu namadumbe..
ekhaya eMzumbe..
Aybo phela mina lendoda yangthembisa..
Sengazitholela uThemba.. Loluthando lunginika
ithemba! UNtuli wam' ! Ugodide ! Ofake izinyo
legolide.. Ngyamthanda uMphemba wam' !
Phela yena ulithemba lam' !
Ngimenze uNkulunkulu, ngamnika lonke uqobo
lwam'
Wangenza ibhange lakhe, wangnika yonke imali
yakhe..
Uthe angeke angiphule inhliziyo, akasoze adlala
ngemizwa yam'
Ngamtshena ukuthi angisiwo ulayini wokuhola
iqolo angeke ngimmoshele isikhathi sakhe..
Ihhe angikazikhohlwa izethembiso zakhe..
Ethi uzongenza umkakhe.. :/
Aybo phela mina lendoda yangthembisa!
Amagama angbiza ngawo amnandi, ethi
ngimuhle ngathi ngigeza ngedanoni
Ekhuluma ngama bhanoyi, ama private jet,
phela lana sasi planner umshado wethu and my
wedding dress..
Ngazigcina ngifunda eNyuvesi yaka Zulu..
Angsayaz ngisho I timetable yama class..
Phela mina shangane lakaMakwakwa sengzobe
umfazi womzulu..
...Ngaphuma ekhaya ngiyofuna ulwazi
olunzulu.. Zulu khuzani niyabuka elikaMthaniya
elihle lifa phambi kwenu ..bheka njalo ekhaya
banamathemba ngam'..
Ngakhetha ukwanelisa uThemba ngakhohlwa
ngezidingo zam'.. Ngazikhohlwa izifiso zabazali
bam'..
ERes ngahlala inyanga eyodwa ..phela mina
senghlala ehotela... Lol angisiye umculi kodwa
ungangbiza nge 'Hotel queen' ..
....................... -- ........... -
- ..........................................
Langa limbe ngavuka ngaphuthaza
..ngaphuthaza embhedeni.. UThemba
akekho..ngivuke ngiye e
bathroom..akekho..ngimshayele ucingo..his
number doesn't exist.. Ngimelwe
yingqondo..ngicinge khabetheni lezingubo
izimpahla zakhe azikho :| .. Ngimemezise
okohlanya 'Themba ! Themba ! ' Pho ke
izindonga ezine zingigqolozele, zingabuye
zenzenjani?
Ithemba lam' lingishiyile ngizokwezenjani?
Aybo phela mina lendoda yangthembisa!
Iphelile I semester yokqala, kwamele
ngiphindele ekhaya.. Ngizwile ngomngan' ethi
aphumile ama result.. Awami
ngizowathathaph' ..
ND>>eMzumbe
-- -- -_- 'Nomathemba'ukube bayaz
ngemikhuba yam' ngabe abangijabuleli kanjena
.. Uphasile koda, yebo mama ngamalengiso..
:/ ..
Aybo phela mina le ndoda yangthembisa!
Ay ingibelesele le flue,
Umkhuhlane onje angiwazi..
Sengkhwehlela negazi..
....Ngyonda..kodwa isisu sami si.. Hhay
ngisuthi.. Ya ngisuthi.. Cha bakwethu ngisuthi..
Yekani isisu sam' ngisuthi.. Yebo ma ngondiswa
izifundo ngifunda kanzima.. Cha asisikhulu isisu
sam' ng gqoke I jacket enkulu..
..Ziyahamba izinsuku ngagula kakhulu ..
Dokotela, umkhuhlane wam' awupheli ..
Ukhulelwe.. 5 weeks ..aybo! Mina angeke..
'Angikaqedi, unegciwane.. Ingabe uyamazi
umuntu okuwuye oku ..Themba!! Ubani?
Nomathemba, Nomathemba vuka!
Saphuma isisu.. Ngafa mina.. Lashabalala
ikusasa lam' .. Aphela amathemba abazali bam'
ababenawo ngam' .. Kwaphela ngam' Themba
waze wadlala ngam' ..
Izethembiso zakho ..
Owangithembisa zona
Mphemba wam' wangthembisa..
Babatunde Raimi Apr 2020
If Ondo is used for settlers
And Ogun is a river
Tell me about Oyo, an empire

You mispell Gwosh as Jos
Recognised Sokoto, a market
Far away from Osun, a river

Lakes is to Lagos
As Kogin is to Kogi
And Kebbi is synonymous to Ka'abba

Janzama, women power inspired Katsina
But Kano was a Blacksmith
While Kaduna means Crocodile

The people of the golden soils of Jigawa
To the river Imo Mmiri
They don't speak Gombe at all

Take me to the hills of "Enu Ugwu"
Following the hills in "Okiti"
Without navigating through Iduu

All Ebonyi are "Aboine"
Close the Delta that marries the atlantic
And Oyono, makes you Cross River

Don't say Benue, say "Binuwe"
Balga, Yelga, Salga formed Bayelsa
And I love Kasashen Bauchi

"Anyim Oma Mbala kwenu!"
But I love ladies from "Kwa Iboe"
Only legends understands this

Tell them I told you
Adamawa is a warrior
While Abia is a coinage

If I missed your state
Go back to the history books
This is just a drill...

— The End —