Submit your work, meet writers and drop the ads. Become a member
Ngalala nendoda engaligqokile ijazi, ukuze
ngikwazi UKUMITHA izidingo zami.
Namanje ngisawenza umkhuba.
Umkhuba omubi wokungalaleli uma
bengishumayeza
Mabeshumayela izwi liyawushisa unembeza
kodwa mina njengeRadio Station ehlihlizayo
angnandaba
coz to-Night e Durban ngiyozidansela
iShumaya.
Ngicela utshele umfundisi wakho
Angangithandazeli.
Njengo R50,
Mina ngibomvu.
Ngibomvu izono.
Nginesono Sokuba Isoni.
Ngicela NingangiThandazeli.
A car accident, ingozi yemoto.
Shuthike bobalili BABELULA ngoba
AKUSINDANGA muntu.
Njengelanga liyozilahla kunina Bashona.
Njengokuphihlika kwe Glass, Bafa. I want you
to understand this, njengentombazane efake
uBra, Babhodile.
Ngicela NingangiThandazeli.
I had a fight with the school, Sangihlula
isikole.
Then The Church had a fight with me,
Wahluleka Umthandazo.
You tell me uNkulunkulu uyaphila?
Pho mayephila akazizeli ngani Yena, wena (are
you well) Uyaphi LA?
Noma ucwecwa amazambane uya PEELER?
Lento ayenzi sense like leaving your wife for a
side chick.
Tshela umfundisi wakho engangithandazeli.
NjengeDimoni, Angiwufuni Umthandazo.
Ngathi nguMatshidiso angfuni Nomthandazo.
Ngicela NingangiThandazeli.
Njengo R50,
Mina ngibomvu.
Ngibomvu izono.
Nginesono Sokuba Isoni.
Ngicela NingangiThandazeli.
Ukushona kwabazali bami kwaba isqalekiso
kimi
Ngalala nendoda engaligqokile ijazi, ukuze
ngikwazi UKUMITHA izidingo zami.
Namanje ngisawenza umkhuba.
Umkhuba omubi wokungalaleli uma
mengishumayezwa,
Kode Ngicela Ningangithandazeli.
Ningangicabangeli nginengqondo yami.
Ningangisukeli nginezinyawo zami.
Ngicela ningangithandi nginenhliziyo yami.
Nibaleke, ngoba anginayo icalculator.
NingangiZondi, ngiyazithulela angisiye
UNONDABA.
Ngicela Ningangithandazeli.
NgiyiNtandane ngizohlala kulesi Sibaya
Sikababa Nginibuke eSikhaleni sezinti,
Nginakhele icebo likaZungu Ngokunga Qondi
kwami lelizwe enithi liyaThandeka, Ngizoba
uMelusi wamaBhubesi vele aningiZweli noma
Nginesiphiwo eSihle nithi Ngi Bhekifa, ningenza
I shepherd ka Sathane nithi Ngi Lusifa
(Lucifer).
Ngicela Ningangithandazeli.
Aibo Yewena!
Phela ngisakuthanda
Ngikucabanga ngize ngibone ikhanda lam'
selinezandla,
Ngibone ikhanda lam' seliyi CEO,
Mengcabanga wena Ikhanda lam' liba
uPrincipal,
Liyangiphatha. Ngizwa bethi uthatha ama
applications. Ngiyakucela phela love le CAO
engifakile ayibe successful. Angifune reject
phela le Degree yoThando lwakho ngyayfuna
Noma ngasayenzanga icourse yokuba istraight I
right neye side chick, sengiyo modifyer next
year.
Uyi status seFeleb yini? Coz I like You!
Kuthi angifanise inhliziyo yami ne DVD wena
uyi player, wa pressa u open wayifaka I CD
wathi close isadlala kamnandi wapressa u eject!
Aibo kanti unjani player?
Aibo Yewena!
Aibo Yewena uthi awungilahlekelanga njer?
Ngoba namanje inhliziyo yami isakufuna
Aibo my top deck! Namanje ngisakuhalela,
kodeke ngizokuphonela just ukbingelela noma
ngikuhayele. Aibo Yewena!
Ngisalifuna namanje leliya fosholo, phela wena
usaqala ukungibona you were digging me
Lol hhhe
Uthi Ongumnini wena ungowami
Ngiyamzonda lowathi love is a matter of
chemistry
Phela manje wena you treat me like toxic waste
Wena ngikufanisa neRadio edlala imicibilisho,
ungizwisile ubuhlungu!
Wazenza iskhothane ngami washiya inhliziyo
yami idabukile
I miss you, angisakwazi muntu usebona
ngamakhasi nje ukuthi usaPeeler
Ukube bengazi ukuthi wena ungizela nge earth
quake kuloluthando uzo zama zama, bengeke
ngiqale!
Ngicela inhliziyo yami niyinqume izandla, kuze
izoyeka ukuthanda lomuntu!
Aibo bafena lomuntu iphilisi! Somebody take
me to a doctor I've overdosed!
Ngane YeLanga, ukukbona nje could brighten
my day
Shuthi uthando lwethu beluyiGenerations,
sekuphele iytori
Aibo Yewena
Month end yami engiholela ekufeni
Ngisakuthanda namanjer

— The End —