Submit your work, meet writers and drop the ads. Become a member
Oct 2017
Ndivumele juba lam sthandwa sentliziyo yam
ekuseni we langa indi ku balele
incwadi Yothando Yesizulu
(A Zulu Love Letter)
Nguwe be ngi ngo #kiss
incwadi Yothando Yesizulu
(A Zulu Love Letter)
Sthandwa
Ngifisa sengathi ungangibhalela incwadi Incwadi yothando yesiZulu Esho ngemibalabala na ngamabalabala
Axoxa indaba ejulile yemizwa nemicabango Idayimane, ngelo thando lweqiniso
Omhlophe, ngowenhliziyo engenasici Indilinga, ngoba olwethu kalunasiphetho
Oluhlaza-sasibhakabhaka, ngoba wena ucabanga ngami
Unxantathu, ngoba amazulu aphezulu Kanjalo nomhlaba nolwandle ngaphansi bayazi
Onsundu, ngoba kuyitshe kunothile futhi okwemvelo
Njengomhlabathi ongaphansi kwezinyawo zami
Noma ungawu shiya umbala ophuzi Kungani kumele ungithande ngenhliziyo enesikhwele! ?
Ngifisa sengathi ungangibhalela incwadi
Engiyoyigaxa emqaleni
Ukuze zonke izimbali zase maqeleni Ziyohawuka lapho zingibheka
Ngenxa yayo yonke lemibala egqamile Incwadi yothando yesiZulu
Ngobuhlalu bothingo-lwenkosazana Ubuhlalu base mazweni aqhelileyo Minake sengiyoba nentokozo emangalisayo
Lapho ngiphendu-phendula ulimi lwakho
Kancane-kancane, futhi ngesikhulu isineke
Ukuze ugcine usukwazi kahle hle Ukubingelela abazali bami
Ngendlela eyiyona-yona, ngolimi lwesiZulu
Molo sethandwa sawubona ngiya themba ulale ngahle?
African zulu love letter, zulu is an african spoken language in south africa, a language that originate from the zulu land, the roots of the late zulu king, shaka zulu
Thapz Kolatsoeu
Written by
Thapz Kolatsoeu  free State
(free State)   
66.3k
 
Please log in to view and add comments on poems