Submit your work, meet writers and drop the ads. Become a member
Bengingazi

Kuma ikhanda ngiqalaza.
Kuqine ingqondo nginga qondisisi.
Kuqhume nehlombe labaqhathi,
Mabebona uqhekeko luqhubeka
Phakathi kwethu.

Bekubuhlungu besibona sihlangene,
Sithamele umthunzi wesihlahla.
Sihlezi sihlanganisa okuhle.
Ngihleke kuvele elomhlathi,
Mabezama ukusihlukanisa.

Ngingazi ukuthi,
Uyazi ukuthi,
Bayazi ukuthi,
Angazi ukuthi,
Niyahlekisana ngasese.

Bengingazi ngibambe isisila sehobhe.
Sengisele nezimpaphe ezandleni.
Awachihwe lamanzi,
Isindizile inyoni yami.
Akusenani sebeyoyicutha phambili.
Sekulungile yize kungelungisekile.
Sewungilahlile yize ngingakalahleki.
Sebekuthathile yize ubungathatheki.
Sekwanele yize nginganelisekile.
Sekuphelile yize kungaphelelisiwe.

Hleze nawe awazi,
Ukuthi ngiyazi,
Ukuthi awazi,
Ukuthi  ngizoyaphi.
Mangilahlwa nguwe.

Selidume ledlula.
Sengizoqoqa okuslele.
Ngizoqongqothela ngesokugcina isipikili.
Ukubona kanye ukubona kabili.
Bengingazi lilethe isifundo.
Mlungisi Kunene
Ngiyibhekise kusithandwa sami esesingishiya,ngithi asazi ukuthi ngizoyaphi masingishiya
Mahlehla sizothi Makwande okuhle.
Ibambhe lapho mfana Om'dala.
Sisayo lola
Sizoshaya i'slolo.
Hlala ne Dlozi
Khuphula umdali
Bonga imvelo
Hlonipha umuntu
Saba umuntu
Vusa umuntu
Bade lama Bade.
Dala Bade lama Bade.
Dala ku daleke.
Isiminyaminya
Kwama sina s'bhekane.
Gcwala!

— The End —