Hello Poetry
Submit your work and get some sparkles! Create free account
"mfo" poems
Ngiyazi awungibuzanga Ngiyazi phoqa ukukuhlebela ngalolu daba olungathi shuu Nayi..... Leli jokwe ngilikhethisiwe. Kepha hhayi ngamandla egendlovu iyangena. Angizitakuli obisini njengempukane kodwa kuyasho, ngiziqhelisile kokuningi, ngeqa ngama buqamama ngomfudlazana. Ngaketha ukufunana namanzi acwebileyo. Kwasala inhliziyo ibalisa, ithi hhawu mfo ka Phakathi Usho ukuthi lomuzi wethu usuyohlala unqhunu kanje, kungesena sphalala esihlekisana naso nenhliziyo yaso" Hhawu Mpangazitha waze wasibulala siphila, mina Nhliziyo kanye nabafowethu Imizwa siyakhala, buka nje uhleli uwedwa ubhalana naloludaba olungathi shuu. Ubulalisa thina ngalesiyasitha sethu Umzwangedwa. Khuluna iqiniso Duma dumane owaduma ezizweni, usho ukuthi awukulangazeleli ukumoyizela kwesi phalaphala. Phela wena usese yisoka lamanyala ubu dume ukutshakadula nezindoni zamanzi kuphela o Nandi no Dudu. Uzama ukungitshela ukuthi njengamanje awubuhlungu ngalokhu" Hhayi bo Nhliziyo mana ngodlame, ufuna ngithi kahle kahle. Phela sisonke kulolu hambho thizeni lwethu. Akekho esingamthanda ngaphandle kokuthanda thina sodwa esizinze kulomzimbha. Ake siyeke ukusukela inyoka isemgodini. Hhawu mfo ka Kunu ufanisa uthando nenyoka, ngaliphi kodwa. Hhayi kodwa ngiyalibona iphuzu lakho, kokubili kunobuthi. Ngiyabonga Nhliziyo ngincede ke mfo ka baba ukhumbhuza abafowenu Imizwa ngaleli jokwe, nobungozi okumele sihlale silugadile. Ngiyakuzwa Hhawu lweMpisi, mzukulu ka maShenge no Ndlangamandla, thole lakwa Mthabela. Wena othi gazi emaNtungweni nakwa Malinga. Mjaji, Ngwane. Madlokovu Duma ndumane owaduma ezizweni.
0
Jun 19, 2021
Jun 19, 2021 at 8:57 AM UTC
Untitled

Continue reading...
34