Hello Poetry
Submit your work and get some sparkles! Create free account
"ikhanda" poems
Aibo Yewena! Phela ngisakuthanda Ngikucabanga ngize ngibone ikhanda lam' selinezandla, Ngibone ikhanda lam' seliyi CEO, Mengcabanga wena Ikhanda lam' liba uPrincipal, Liyangiphatha. Ngizwa bethi uthatha ama applications. Ngiyakucela phela love le CAO engifakile ayibe successful. Angifune reject phela le Degree yoThando lwakho ngyayfuna Noma ngasayenzanga icourse yokuba istraight I right neye side chick, sengiyo modifyer next year. Uyi status seFeleb yini? Coz I like You! Kuthi angifanise inhliziyo yami ne DVD wena uyi player, wa pressa u open wayifaka I CD wathi close isadlala kamnandi wapressa u eject! Aibo kanti unjani player? Aibo Yewena! Aibo Yewena uthi awungilahlekelanga njer? Ngoba namanje inhliziyo yami isakufuna Aibo my top deck! Namanje ngisakuhalela, kodeke ngizokuphonela just ukbingelela noma ngikuhayele. Aibo Yewena! Ngisalifuna namanje leliya fosholo, phela wena usaqala ukungibona you were digging me Lol hhhe Uthi Ongumnini wena ungowami Ngiyamzonda lowathi love is a matter of chemistry Phela manje wena you treat me like toxic waste Wena ngikufanisa neRadio edlala imicibilisho, ungizwisile ubuhlungu! Wazenza iskhothane ngami washiya inhliziyo yami idabukile I miss you, angisakwazi muntu usebona ngamakhasi nje ukuthi usaPeeler Ukube bengazi ukuthi wena ungizela nge earth quake kuloluthando uzo zama zama, bengeke ngiqale! Ngicela inhliziyo yami niyinqume izandla, kuze izoyeka ukuthanda lomuntu! Aibo bafena lomuntu iphilisi! Somebody take me to a doctor I've overdosed! Ngane YeLanga, ukukbona nje could brighten my day Shuthi uthando lwethu beluyiGenerations, sekuphele iytori Aibo Yewena Month end yami engiholela ekufeni Ngisakuthanda namanjer
0
Aug 14, 2015
Aug 14, 2015 at 8:48 PM UTC
Aibo Yewena

Continue reading...
52
Bengingazi Kuma ikhanda ngiqalaza. Kuqine ingqondo nginga qondisisi. Kuqhume nehlombe labaqhathi, Mabebona uqhekeko luqhubeka Phakathi kwethu. Bekubuhlungu besibona sihlangene, Sithamele umthunzi wesihlahla. Sihlezi sihlanganisa okuhle. Ngihleke kuvele elomhlathi, Mabezama ukusihlukanisa. Ngingazi ukuthi, Uyazi ukuthi, Bayazi ukuthi, Angazi ukuthi, Niyahlekisana ngasese. Bengingazi ngibambe isisila sehobhe. Sengisele nezimpaphe ezandleni. Awachihwe lamanzi, Isindizile inyoni yami. Akusenani sebeyoyicutha phambili. Sekulungile yize kungelungisekile. Sewungilahlile yize ngingakalahleki. Sebekuthathile yize ubungathatheki. Sekwanele yize nginganelisekile. Sekuphelile yize kungaphelelisiwe. Hleze nawe awazi, Ukuthi ngiyazi, Ukuthi awazi, Ukuthi ngizoyaphi. Mangilahlwa nguwe. Selidume ledlula. Sengizoqoqa okuslele. Ngizoqongqothela ngesokugcina isipikili. Ukubona kanye ukubona kabili. Bengingazi lilethe isifundo. Mlungisi Kunene
0
Sep 18, 2014
Sep 18, 2014 at 6:03 AM UTC
Bengingazi