Hello Poetry
Submit your work and get some sparkles! Create free account
"bayazi" poems
Ndivumele juba lam sthandwa sentliziyo yam ekuseni we langa indi ku balele incwadi Yothando Yesizulu (A Zulu Love Letter) Nguwe be ngi ngo #kiss incwadi Yothando Yesizulu (A Zulu Love Letter) Sthandwa Ngifisa sengathi ungangibhalela incwadi Incwadi yothando yesiZulu Esho ngemibalabala na ngamabalabala Axoxa indaba ejulile yemizwa nemicabango Idayimane, ngelo thando lweqiniso Omhlophe, ngowenhliziyo engenasici Indilinga, ngoba olwethu kalunasiphetho Oluhlaza-sasibhakabhaka, ngoba wena ucabanga ngami Unxantathu, ngoba amazulu aphezulu Kanjalo nomhlaba nolwandle ngaphansi bayazi Onsundu, ngoba kuyitshe kunothile futhi okwemvelo Njengomhlabathi ongaphansi kwezinyawo zami Noma ungawu shiya umbala ophuzi Kungani kumele ungithande ngenhliziyo enesikhwele! ? Ngifisa sengathi ungangibhalela incwadi Engiyoyigaxa emqaleni Ukuze zonke izimbali zase maqeleni Ziyohawuka lapho zingibheka Ngenxa yayo yonke lemibala egqamile Incwadi yothando yesiZulu Ngobuhlalu bothingo-lwenkosazana Ubuhlalu base mazweni aqhelileyo Minake sengiyoba nentokozo emangalisayo Lapho ngiphendu-phendula ulimi lwakho Kancane-kancane, futhi ngesikhulu isineke Ukuze ugcine usukwazi kahle hle Ukubingelela abazali bami Ngendlela eyiyona-yona, ngolimi lwesiZulu Molo sethandwa sawubona ngiya themba ulale ngahle?
0
Oct 3, 2017
Oct 3, 2017 at 2:00 AM UTC
ZULU LOVE LETTER
Bengingazi Kuma ikhanda ngiqalaza. Kuqine ingqondo nginga qondisisi. Kuqhume nehlombe labaqhathi, Mabebona uqhekeko luqhubeka Phakathi kwethu. Bekubuhlungu besibona sihlangene, Sithamele umthunzi wesihlahla. Sihlezi sihlanganisa okuhle. Ngihleke kuvele elomhlathi, Mabezama ukusihlukanisa. Ngingazi ukuthi, Uyazi ukuthi, Bayazi ukuthi, Angazi ukuthi, Niyahlekisana ngasese. Bengingazi ngibambe isisila sehobhe. Sengisele nezimpaphe ezandleni. Awachihwe lamanzi, Isindizile inyoni yami. Akusenani sebeyoyicutha phambili. Sekulungile yize kungelungisekile. Sewungilahlile yize ngingakalahleki. Sebekuthathile yize ubungathatheki. Sekwanele yize nginganelisekile. Sekuphelile yize kungaphelelisiwe. Hleze nawe awazi, Ukuthi ngiyazi, Ukuthi awazi, Ukuthi ngizoyaphi. Mangilahlwa nguwe. Selidume ledlula. Sengizoqoqa okuslele. Ngizoqongqothela ngesokugcina isipikili. Ukubona kanye ukubona kabili. Bengingazi lilethe isifundo. Mlungisi Kunene
0
Sep 18, 2014
Sep 18, 2014 at 6:03 AM UTC
Bengingazi